... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuphana Okukhiphayo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 6:38 Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha esifubeni senu isilinganiso esihle, esigxushiweyo, esigqishiweyo, esichichimayo; ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.”

Listen to the radio broadcast of

Ukuphana Okukhiphayo


Download audio file

Awunankinga uma ngizokubuza umbuzo ohlaba ngqo? Uphana kangakanani kwabanye abantu ? Uma ubona umuntu eswele ,yimuphi umuzwa wokuqala oba nawo  ngabo ?  

Ukuphana kuza ngezindlela eziningi ezahlukahlukene.Ungaphana ngokudumisa kwakho ,ngezibele ,ngokuqonda ,ngesikhathi sakho futhi yebo nebala nangezinto zakho .

Kulula phakathi nalempilo esiyiphilayo ,ngisho nathi esiye sizizwe sisengcindezini , sigcina singenakho ukuphana ngokwezimo zendlala ezehlukene abantu ababhekana nazo empilweni .

Futhi okuthi ngokuba njalo kulokhu kuba ngumngcingo ukuthokozela ukuphila ,nezibusiso zehle lezi kanye ebesizitshela sinazo zivese zihwamuke .

Uma kuwukuthi sewake wazithola ukuleyondawo ,kumbe esikhathini lakhona uzihlola ngokuthembekile umelwe ukukuvuma ukuthi usube ngosekudidekeni okukhulu ,uma kunjalo sengathi amazwi kaJesu angaba likhambi elelaphayo  emphefumulweni wakho:

NgokukaLukha  6:38 Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha esifubeni senu isilinganiso esihle, esigxushiweyo, esigqishiweyo, esichichimayo; ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.”

Angazi noma lokho sizokufunda njengesethembiso kumbe njengesitatimende esiliphuzu nje.Yindlela leyo izinto ezisebenza ngayo .

Ngubani kwabakuzungezile ongasebenzisa ukuthintwa ngamandla okuphana kwakho njengamanje ?  kungaba yizwi lenkuthazo ,izibele ezincane ,futhi yebo ngisho isipho sokuzidela uzinikele ?

Ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.”. Yiba ngophanayo .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.